Johannesburg – Owayengumsizi kaNelson Mandela uZelda La Grange
uxolisile ngombhalo wakhe kwinkundla yokuxhumana iTwitter lapho eveze ukuthi
abamhlophe abazizwa bamukelekile eNingizimu Afrika.
“Ngiyaxolisa kakhulu kubo
bonke abantu baseNingizimu Afrika abahlukumezekile ngombhalo wami kwiTiwtter,”
kusho uLa Grange.
OLUNYE UDABA: Kugxekwe incwadi kaLa Grange
“Ngicela uxolo olukhu
kakhulu ngokukhiphela ukucasuka kwami kubantu abangenzanga lutho futhi abangahlangene
nezinkinga ezikhona,” kusho uLa Grange ongumbhali wencwadi Good Morning Mr Mandela
edayise kahle kakhulu ngonyaka owedlule.
Kubikwa ukuthi ngaphambi kokuthi
axolise umbhalo kaLa Grange ususe omkhulu umsindo kuTwitter abantu bemsola
ngobandlululo abanye bashiya abangalazi
kuyena.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter