UMaNtuli akazange axoshwe ngummengameli ngolwashevu

2015-08-16 14:04

Johannesburg - UMmengameli uJacob Zuma akazange amxoshe uMaNtuli emzini wakhe oseNkandla, lokhu kungokusho kwemibiko yangeSonto.

UNgqongqoshe wezokuPhepha koMbuso uDavid Mahlobo owayalela uNompumelelo Ntuli-Zuma ukuba aphume aphele nezingane zakhe emzini kaZuma.

"Isizathu sikangqongqoshe sokukhipha uMaNtuli, yingenxa yobucayi bodaba okwakufanele luphenywe," kusho ummeli kaNtuli-Zuma u-Ulrich Roux etshela abephephandaba iSunday Times.

"Wayengavumelekile ukuba khona endaweni ngesikhathi sophenyo."

Kwaqubuka izinsolo zokusetshenziswa kwashevu ezazibandakanya uMaNtuli  ngemuva kokugula kukaZuma ngoJuni ngonyaka ophelile.

OLUNYE UDABA:UMaNtuli wayengazi luthi ngolukashevu-Ummeli

Ngesikhathi ethathe uhambo lwase-US uZuma wathola ukuthi wadliswa ushevu ngemuva kwezinyanga ezimbili.

Kuleli sonto ummeli kaNtuli-Zuma uphendule imibuzo yabeSunday ebhekiswe kuMaNtuli.

UMaNtuli wacelwa ukuba aphume emzini ngoFebhuwari kulo nyaka.

"Umyeni wakhe, uZuma, akazange amkhiphe emzini wakhe."

URoux uthe uMaNtuli wathembisa ukuthi uzothobela umthetho mayelana nophenyo lwezinsolo zikashevu.

Ngaphambilin iphephandaa iCity Press labike ukuthi uMaNtuli kusolakala ukuthi uvumile ukuthi wakha uzungu lokudlisa umengameli Zuma ushevu.

Esitatimendeni esakhishwa nguRoux ngaphambilini ngoMaNtuli: "UMaNtuli uyiphebezile imibiko yokuthi waba yingxenye yaba bakha itulo lokudlisa umyeni wakhe ushevu.

"Ikhasimende lethu alikaze livume noma libukeke sengathi kukhona okusolisayo kulo," kwezwakala uRoux esho kanje.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.