UMashaba umemezele abazoqala umdlalo neZambia

2015-01-04 08:21

Johannesburg – Umqeqeshi weBafana Bafana uShakes Mashaba umemezele abadlali abayishumi nanye abazoqala umdlalo uma iqembu lakhe selibhekene neZambia kowobungane wokuzilolonga ngaphambi kwendebe ye-2015 Afcon e-Equatorial Guinea.

IBafana izobhekana neChipolopolo ngeSonto nokuzoba wumdlalo waleli qembu wokugcina kuleli ngaphambi kokuthi lilibangise Gabon lapho lizozilungiselela khona lo mqhudelwano ozoqala ngomhlaka 17 kuJanuwari.

Kubikwa ukuthi iBafana isazodlala neGabon neCameroon ngaphambi kwalo mqhudelwane omkhulu wamazwe angu-32 ezwenikazi i-Afrika.

OLUNYE UDABA: ISAFA inxusa abalandeli koweBafana neZambia

Kuvele ukuthi u-Anele Ngcongca nguyena ozobe ehola leli qembu njengoba kulindeleke ukuthi uDean Furman ajoyine iqembu ngoMsombuluko.

Kuvele ukuthi u-Andile Jali noPatrick Phungwayo ngeke babonakale kulo mdlalo ngenxa yokulimala abanakho emadolweni. 

Ngokubika kweSoccerLaduma naba badlali abamenyezelwe nguMshaba abazoqala umdlalo wangeSonto neZambia: uDarren Keet,u-Anele Ngcongca, uThabo Matlaba, u-Eric Mathoho, uRivaldo Coetzee, uThamsanqa Sangweni, uReneilwe Letsholonyane, uMandla Masango, u-Oupa Manyisa, uBongani Ndulula noTokelo Rantie.

Ebhentshini kuzobe kuhleli laba: uBrilliant Khuzwayo, uJackson Mabokgwane, uThulani Hlatshwayo, uBongani Zungu, uThuso Phala, uThemba Zwane, uBernard Parker, uSibusiso Vilakazi noSiyabonag Nhlapho.

      - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

         - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.