'UMashaba wenza izinto eziwubuwula futhi uyaziphakamisa'

2015-01-20 11:09

Cape Town - Inhlangano eyengamele ibhola kuleli, iSAFA, ayizange imbekele migomo yokusebenza uShakes!!!!

IBafana izohluleka ukwenza kahle kulo mqhudelwano we-Afcon kanjalo nakolandelayo uma uShakes eqhubeka nokwenza izinto eziwubuwula futhi njengoba eziphakamisa enza izinto ezithusayo.

Nazi izizathu zami....

Eqenjini esidlala ngalo ushiya bonke abadlali abadlali abazodlala emqhudelwaneni weCaf Champions League, uzofaka abazodlala koweCaf Confederation.

Kubadlali abangu-23 abaqoka ukuba babeyingxenye yeqembu lesizwe, ushiya abadlali abasebasha abadlala phesheya kwezilwandle; uPatosi, Kamohelo, May noSerero.

Funda nalolu daba: Kuningi esingaziqhenya ngakho ngaphandle kukaMandela.

Umdlali onjengoThulani Serero akacatshangwa naye ekubeni edlala emqhudelwaneni omkhulu e-Europe.

Ngo-2008 umqhudelwano we-Euro wanqotshwa yiqembu elalinabafana abancane, iSpain. Kodwa wayekhona umdlali onjengoCasillas, Puyol no-Alonzo.

Umbuzo wami owokuthi, njengoba wayengakaze aphume efomini uKhune, kungani engafakwanga ukuze asize abafana abancane?

Akungabazeki nakancane ukuthi uJali noFurman bangabadlali abasezingeni eliphezulu kodwa kungani singabasebenzisi abadlali abanesipiliyoni njengo Teko Modise?

Uma kukhulunywa iqiniso phela uModise ungumdlali osezingeni eliphezulu.

Bashiyelwani ngaphandle abagadli abahamba phambili kuPSL njengoMajoro noRomeo?

Ibhalwe uBHEKSISA SOSIBO umlandeli weBafana ongeneme nakancane futhi ozonda uShakes!!!



Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 



NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.