UMbete unxuse i-EFF ukuba iziphathe kahle

2015-01-13 18:32
Johannesburg - USomlomo wePhalamende uBaleka Mbete unxuse umholi we-Economic Freedom Fighters uJulius Malema ukuba angasebenzisi ukuvulwa kwesiShayamthetho ukuba anxenxe izimpendulo kuMengameli Jacob Zuma ngodaba lwaseNkandla.

UMbete ubhalele uMalema impendulo ephendula incwadi “enxenxa” uZuma ukuba aphendule imibuzo ye-EFF uma sekuvulwa iPhalamende ngoFebhuwari 12.

"Ngiyakucela ukuba ungaziphathi kanjalo, kunalokho khulumisana nathi ngendlela eyakhayo mayelana nezindaba eziphathelene nesiShayamthetho sikazwelonke,” kubhala uMbete.

OLUNYE UDABA: Uhulumeni kaZuma uyehluleka - Malema

Uthe uZuma uzoba nalo ithuba lokuphendula imibuzo yamalungu ePhalamende ngezinsuku ezizolandela.

“Ukuvulwa kwePhalamende akuyona indawo elungile ukuba umengameli angahlonywa imibuzo,” kuloba uMbete.

Amaqembu aphikisayo agxeka uZuma ngokuhluleka ukubuyela ePhalamende ayophendula imibuzo yokuthi uzoyikhokha nini imali eyasetshenziswa kulungiswa umuzi wakhe oseNkandla.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.