UMessi uphumele obala 'ngombango' wakhe nomqeqeshi

2015-01-12 12:30

Barcelona – Isihlabani sebhola likanobhutshuzwayo uLionel Messi usephumele obala ngemibiko esabalele yokuthi akaboni ngasolinye nomqeqeshi weBarcelona, uLouis Enrique.

Ngokubika kweKick Off uMessi ukubeke kwacaca ukuthi akazimisele nakancane ukushiya iBarcelona.  

Kuke kwaba nemibiko ethi uMessi ufuna ibhantshi ligcwale umoya kulo mqeqeshi ngemuva kokuba emhlalise ebhentshini emdlalweni weBarca neReal Sociedad.

Imibiko esabalele imatanise uMessi namaqembu aseNgilandi iChelsea neManchester City.

OLUNYE UDABA: Uxinwe yisisu uMessi wodumo

“Anginazo nezincane izinhloso zokushiya leli qembu,” kusho uMessi kwiBarca TV.

“Asikho isidingo sokubheka umbango phakathi kwami nomqeqeshi uLuis ngoba awukho nhlobo.

"Kumele sihlangane kakhulu kunakuqala.

'Akumele abantu bakhulume into ebangayazi ngoba esikufunayo njengeqembu wukuphumelela nje kuphela,” kusho lo mdlali.

“Kuthiwa ubaba wami wakhuluma neMan City neChelsea, alikho nelincane iqiniso kulokhu. Amanga wodwa lawa,” esho.


      - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

      - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.