UNzimande uthi kuzokwengezwa eye-NSFAS

2015-01-12 17:31

Pretoria – Uhulumeni wenyuse imali yeNational Student Financial Aid Scheme (NSFAS) ukuze kusizakale abafundi abampofu nabakhubazekile, kusho uNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme uBlade Nzimande ngoMsombuluko.

"I-NSFAS izokwelekelela abafundi abangu-205 000 abazobe benza unyaka wokuqala nalabo abazobe beqhuba izifundo zabo emanyuvesi, iphinde isize abafundi abangu-200 000 abasemakolishi ngo-2015,” kusho uNzimande.

Lesi sikhwama sizokhipha imali engu-R9.5bn ekuzosizwa ngayo abafundi.

"Ngo-2014, i-NSFAS yasiza abafundi ngemali engaphezu kuka-R8.3bn, ungabalwa u-R1bn owengezwa.”

OLUNYE UDABA: UMnyango uzobhekana nezinkinga ze-NSFAS

UNzimande uthe iNational Skills Fund (NSF) yaphinde yakhiphela i-NSFAS enye imali ukuze ibhekane nalabo abenza izifundo ezinamakhono adingeka kakhulu kuleli.

"I-NSFAS isisabalalise imali engaphezu kuka-R526.9m inikezela ngemifundaze kulabo bafundi abenza izifundo ezinamakhono athathwa njengadingekayo kuleli.

“Kuwona kubalwa isayensi, ubunjiniyela ne-commerce.”


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.