UParker, uRantie noCoetzee abajimanga neBafana

2015-01-12 17:31

Johannesburg – Abadlali abathathu beBafana Bafana abakwazanga ukuzilolonga neqembu ngesikhathi lizilolonga ngaphambi komdlalo waleli qembu neMali ngenxa yokulimala.

Ngokubika kweSoccerLaduma abadlali uBernard Parker, Tokelo Rantie noRivaldo Coetzee abazilolonganga neqembu ngoMsombuluko kodwa kuvele ukuthi bangase balithole ithuba lokudlala ngoLwesithathu uma iBafana isidlala neMali.

Laba badlali bobathathu badlala ngoMgqibelo ngesikhathi iBafana ibhekene neCameroon lapho lo mdlalo waphela ebambene ngelilodwa ngapha nangapha. 

OLUNYE UDABA: ‘IBafana ingawudla umhlanganiso kowe-Afcon’

Okhululema iBafana uMatlhomola Morake ubhale enkundleni yokuxhumana iTwitter ukuthi bobathathu laba badlali balimale emdlalweni obungoMgqibelo kodwa bazobe sebekulungele ukudlala emdlalweni weMali ngoLwesithathu.

UParker ulimele ezimbanjeni, uRantie udonseke umsipha bese kuthi uCoetzee edolweni. 

IBafana imatasa eGabon izilungiselela umqhudelwano wamazwe we-2015 Africa Cup of Nations ozodlalelwa e-Equatorial Guinea ozoqala ngomhlaka 17 kuJanuwari.

Kulindeleke ukuthi iBafana idlale umdlalo wayo wokuqala kulo mqhudelwano ngomhlaka 19 kuyona le nyanga ne-Algeria okuyiqembu elibalwa nahamba phambi e-Afrirka.

       - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

          - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.