USelebi ushone ngemuva kokugula isikhathi eside – Umndeni

2015-01-23 16:02
Johannesburg - Lowo owayenguKhomishana wamaPhoyisa uJackie Selebi, owalahlwa yicala lenkohlakalo, ushone ngemuva kokugula isikhathi eside, kusho umndeni wakhe.

USelebi, obezohlanganisa iminyaka engu-65 yokuzalwa ngoMashi, ushonele eJacaranda Hospital, ePitoli, kusho okhulumela umndeni uNthato Selebi esitatimendeni.

"Njengomndeni sikhungathekile kakhulu ngokudlula kwakhe emhlabeni. Sizomkhumbula ngezenzo zakhe ezinhle, uthando nokuzwelana nabanye abantu.

"Sithanda ukubonga wonke umuntu ozwelane nomndeni kulesi sikhathi esinzima.”

OLUNYE UDABA: USelebi ubeyinkunzi yomholi – ANC

Zizokhishwa ngokuhamba kwesikhathi izinhlelo zomngcwabo.

UNgqongqoshe wezobuLungiswa nokuHlunyeleliswa kweziMilo uMichael Masutha udlulisele amazwi enduduzo emndenini.

"Awekho amagama angagcizelela ukubaluleka kwempilo yomuntu, sithi umndeni mawuqine idolo kuleli lifu eliwugubezele,” esho.

USelebi wadedelwa ngoshwele wezempilo ngo-2010 ngemuva kokugwetshwa iminyaka engu-15 ebhadla ejele.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter



NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.