UTeko ubaleke wayocasha kuxabana intombi nosaziwayo

2015-05-31 10:20

Johannesburg – Kusuke esinamathambo eshisanyama waseSoweto ngesikhathi uLizelle Tabane evuka indlobane ngenxa yokuthi isoka lakhe lodumo uTeko Modise likhulume nosaziwayo kamabonakude.

Ngokubika kweSunday Sun kusolakala ukuthi lesi sigameko senzeke ezintatha zangeSonto eledlule eDichaba e-Orlando West.

UTeko wayefike nesinqandamathe sakhe uLizelle nabangani bakhe kule ndawo ezobungaza ukuhlabana nendondo yokuba umdlali wasesiswini ovelele kuma-PSL Awards.

Umthombo uthe kulo mcimbi kwakunesiphalaphala uNoluvuyo “Bubbly” Sodela wodumo lomdlali Ihawu ku-SABC 1.

Uqhube wathi uTeko wazama ukushela uBubbly kodwa uLizelle wasukuma wamgxavuna ngolaka lo mdlali weMamelodi Sundowns.

Omunye umthombo uthe:

“ULizelle wagxajelwa yikhanda waqala wathethisa uTeko ngokuthi angakhuluma kanjani namanye amantombazane phambi kwakhe.

OLUNYE UDABA:UBoity ubuyelene nomrepha wodumo?

Wasuka lapho waqonda kuBubbly wamtshela ukuthi angaphinde akhulume nendoda yakhe. UBubbly naye akazithambisanga njengoba waziphendulela kuLizelle waphinde wamuphusha wamsabisa ngokumthela isibhaxu.” 

Umthombi uqhube wathi ngesikhathi laba besifazane beshintsha ngamagama uTeko wanyamalala wayozivalela endlini yangasese.

“Ngemuva kokulanyulwa uLizelle wahamba esekhala wayozivalela emotweni.

Ngokuhamba kwesikhathi uTeko wabonakala esencenga uLizelle ukuba amvulele emotweni njengoba ayesezikhiyele ngaphakathi.” 

Ethintwa uBubbly uthe uLizelle wayefuna ukumhlasela ngesikhathi uTeko ekhuluma naye.

Wangisola ngokujola noTeko kodwa angizimisele ngaye.

Ngimthatha njengomdlali ovelele.

Engikubonayo wukuthi le ntombazane inenkinga yokungazethembi.”

      - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

         - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

ULizelle wenqabile ukuphawula kanti ucingo lwaTeko lukhale langabanjwa.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.