Ubanjwe eswenke ngezingubo ezebiwe kuFacebook

2015-08-04 11:43

Johannesburg - Umqashi kaFatuma Phiri waphela nasozwaneni ngesikhathi ebona isisebenzi sakhe sasendlini siswenke ngezingubo "ezebiwe" kuFacebook.

Lo wesifazane waseSandton uthi wathuka wacishe woma ngesikhathi ekuFacebook kanti uzobona isigaba esithi “People You May Know”, wase esibheka.

Uthi wabona ubuso abujwayele, wathi uma ebhekisisa kanti yisisebenzi sakhe sasendlini uPhiri, kubika iThe Star.

Wabe esenquma ukubheka ikhasi lakhe, wathola ukuthi kuzona zonke izithombe uswenke ngezingubo zakhe ebezilokhu zimdukela endlini - ngisho neyomshado imbala.

OLUNYE UDABA:  Kugwazwe kwabulawa iphoyisa, elinye lashona engozini

Kuthiwa ezinye izithombe uPhiri wazishutha zona egumbini lokulala lomqashi wakhe kanti ezinye wazithatha ekubo eTembisa.

Lo wesifazane uthi uphoxeke kakhulu ngoba akukho abebengamenzeli kona uPhiri.

UPhiri uvele enkantolo ngoMsombuluko, icala lakhe lahoxiswa ngemuva kokuthi umqashi wakhe elisulile wase emxosha emsebenzini.

       - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

         - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
2 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.