Ubonga ukuthi 'induku' ayilimalanga oshiswe yintombi

2015-08-12 12:32

Johannesburg - NgoMgqibelo ebusuku kuthiwa uTshepo Ptikoe washaya intombi yakhe, u-Irene, njengokujwayelekile kodwa kulokhu ke intombi yathatha isinqumo sokuziphindidelela.

U-Irene Mere,39, waseBainsvlei, eBloemfontein walwa nesoka lakhe leminyaka emithathu, nalo elineminyaka engu-39 ubudala, kodwa kulokhu kwalimala lona isoka.

UTshepo kumanje unamanxeba okusha kusuka ekhanda kuze kufike okhalo.

Uthi ujabule kodwa ngoba ‘induku’ yakhe yona ayilimalanga.

U-Irene utshele iDaily Sun ukuthi uTshepo wayefuna ukulala naye ngoLwesihlanu ebusuku kodwa wanqaba.

“Wangishaya, wangikhumula ngasala nqunu wangiphoqa ukuba ngihambe nqunu emgwaqeni,” usho kanje.

Funda nalolu daba: Kutholwe isidumbu enxanxatheleni yezitolo egoli

“Ngaya emaphoyiseni kodwa angilivulanga icala ngoba ngangidakiwe, ngabe sengubuyela ekhaya,” usho kanje.

Uthi ngoMqgibelo waphinde wamshaya futhi. Ngesikhathi umakhelwane ezama ukulamula, wafuna ukumshaya naye.

“Ngamsabisa ngokumthela ngophethiloli engangiwuphethe bese ngiyamshisa kodwa wathi ngiyamsabisa.”

“Ngamthela umzimba wonke, indodakazi yami yabe isimthungela ngomlilo,” usho kanje, kubikaiDailySun.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Chaka Marope uthe bobabili laba banelungelo lokuvulelana icala.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 



NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.