Johannesburg - Umama oneminyaka engu-19 ubudala, ekwatholakala ingane yakhe ithwabaza emgwaqeni onguthelawayeka ku-N1, uzobuyela ngaphambi kweNkantolo kaMantshi waseVereeniging
INkantolo kubhekeke ukuthi yethulelwe umbiko ngokuhlolwa kwesimo somqondo kamsolwa, ngemuva kokuthi ethole ukuhlolwa esibhedlela iSterkfontein Psychiatric Hospital.
Mhlaka-5 Ephreli, ingane enezinyanga ezingu-16 ubudala, yatholakala ithwabaza emgwaqeni ngaseKrugersdorp.
Ingane kwasala kancane ishayiswe yiloli.
Umama wengane ulivumile icala lokunganakekeli ngendlela umntwana wakhe, okwamanje ungaphandle ngebheyili ka-R500.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).