Ubuyela enkantolo umzukulu kaMandela ngelokudlwengula

2015-08-25 08:06

Johannesburg – Kulindeleke ukuba afake isicelo sebheyili eNkantolo yeMantshi yaseGoli umzukulu kaNelson Mandela, oneminyaka engu-24 ubudala osolwa ngecala lokudlwengula.

Kuthiwa lesi sigameko senzeka endaweni yokudlela eseGreenside.

Egcina ukuvela enkantolo ngoLwesihlanu, inkantolo yatshelwa ukuthi ummangalelwa wayecabanga ukuthi ulala nale ngane kuvunyelwene.

Kunokudideka futhi ekutheni ngabe ummangali uneminyaka engu-15 noma engu-16 ubudala.

OLUNYE UDABA: Salala sivumelene, kusho umzukulu kaMandela

IMantshi uPieter du Plessis akazange azifunde izitatimende, kepha ummeli kaMandela uNico Swart wagqamisa ukuthi bakholelwa ekutheni le ngane ineminyaka engu-16 ubudala.

Kuthiwa lokhu kungenxa yokuthi uFacebook wayo uthi yazalwa ngomhlaka-29 Febhuwari 1999.

UMandela ubhekene necala ngaphansi kukaSchedule 6, uma kutholakala ukuthi le ngane ineminyaka engu-16 ubudala liyobe seliba ngaphansi kukaSchedule 5.

Ummeli kaMandela kulindeleke ukuba athathe isitatimende komunye ufakazi osabayo ukuvela obala ngoba ukuleli ngokungemthetho.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.