Udedelwe ngebheyili yenkulungwane oweba usana

2015-07-22 17:01

Rustenburg – Udedelwe ngebheyili ka-R1000 owesifazane oneminyaka engu-19 ubudala osolwa ngokweba usana olusanda kuzalwa ngesikhathi evele eNkantolo yeMantshi yaseRustenburg.

UPatience Matsaa obevele kule nkantolo ngoLwesithathu icala lakhe libe selihlehliselwa umhlaka 21 ku-Agasti.

UMatsaa  waseBoitekong waboshwa ngoMsombuluko ngezinsolo zokuthumba usana olunezinsuku ezimbili luzelwe esibhedlela sikahulumeni iJob Shimankane.

OLUNYE UDABA:Baboshelwe elokubulala abebengaphandle ngoshwele

Kubikwa ukuthi wanikeza unina wengane u-R23 ukuze ayothenga ukudla wabe esenyamalala nengane.  

“Ngesikhathi unina wengane esebuya , bobabili owesifazane nosana bebengasabonwa nangalukhalo,” kusho okhulumela amaphoyisa uCaptain uPaul Ramaloko.

Lona wesifazane watholwa ngamaphoyisa emijondolo yaseSondela nokuyilapho akhalelwa khona ngamasongo kaSigonyela wathweswa icala lokuthumba.

       - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

         - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.