Tennessee - Ugwetshwe udilikajele uGergory Scott Hale ngemuva kokuba atholakale enecala lokubulala aphinde adle izicubu zomzimba kaLisa Marie Hyder emzini wakhe oseSummitvill, eTennessee, ngoJuni ngonyaka ophelile.
Kukholakala ukuthi washumpula uHyder izandla, ikhanda nezinyawo ngaphambi kokuba adle izicubu zakhe zomzimba.
"Ngiyabanga abantu engibazondayo ukuze ngizozwa ukuthi bakhulu kangakanani uma sengibambela umgodi egcekeni lakwami," kubhala uHale ku-Facebook wakhe.
Ngesikhathi eboleka ithuluzi lokumba kumakhelwane wakhe ukuze ezogqiba isidumbu, umakhelwane wabe eseshayela amaphoyisa ucingo.
OLUNYE UDABA: Bagwetshiwe abo'mhlabelo kaSathane'
Amaphoyisa athola isidumbu sikaHyder endlini kaHale ngesikhathi efika, kubika abeTimes Live.
Ngokusho komunye wabangani bakaHale, uHale uyisikhonzi sikaSathane esaxoshwa emsebenzini ngemuva kokuba ubasi wakhe ambamba enza umhlatshelo ngezicubu zezilwane.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter