Udutshulwe walimala osolwa ngokweba imoto

2014-12-24 07:10

Johannesburg – Owesilisa udutshulwe walimala ngesikhathi edubulana namaphoyisa eSoweto ngokusho kwamaphoyisa aseGauteng. 

UCaptain Pinky Tsinyane uthe amadoda amabili abeshayela imoto eyebiwe abalekile ngesikhathi amaphoyisa ezama ukuwamisa.

“Laba basolwa bebeshayela imoto yohlobo lweFord Ranger egrey eyabikwa ukuthi intshontshiwe.

Amaphoyisa azame ukuyimisa yabe isishaya izula yangama,” echaza.

Uqhube wathi: “Amaphoyia ayijahile le moto kwathi umsolwa oyedwa wavulela ngenhlamvu ebhekise emaphoyiseni.

OLUNYE UDABA: Kubulawe umsolwa kudutshulwana namaphoyisa

Namaphoyisa angabe esananaza aphindisela kwadubuleka umsolwa ngaphezulu emzimbeni,” kusho uTsinyane. 

Uthe umsolwa olimele ubanjiwe wakhalelwa ngamasongo kaSigonyela kwathi omunye wabaleka.

Amaphoyisa akwazi ukuthola le moto ebiyebiwe nezibhamu ezimbili zohlobo lwe-9mm ne-revolver. 

“Umsolwa oneminyaka engu-19 ubudala uzovela eNkantolo yeMantshi yase-Orlando maduze lapho ezobhekana namacala okutholakala nemoto eyebiwe, isibhamu esingekho emthethweni nokuzama ukubulala,” esho.

     - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

        - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.