Johannesburg - Usomabhizinisi wasePitoli ugwetshwe iminyaka eyishumi ngokuhlukumeza indodakazi yentombi yakhe eneminyaka emibili ubudala.IWomen&Men Against Child Abuse ithe le ndoda bekumele ithole udilikajele."Kumanje ingane ayikwazi kuhamba, kuzidlela nokukhuluma ngenxa yakhe. Yaphucwa ilungelo lempilo ngendlela enesihluku,” kusho uMqondisi we-WMACA, uMiranda Friedmann esitatimendeni.OLUNYE UDABA: Libuyela enkantolo elikaBabyL"Impilo yale ngane ayisophinde ifane ngenxa yesenzo sale ndoda yingakho sithi ifanelwe udilikajele.”Ehliselwa isigwebo lo baba wezingane ezimbili, iJaji uNico Coetzee uthe lesi sigwebo kumele sibe yisexwayiso kulabo abahlukumeza izingane.UCoetzee ngesonto eledlule, wathola lo somabhizinisi enecala lokuhlukumeza ingane, wamthola engenacala lokuzama ukubulala.Umama wengane waphuma phambili ecaleni. - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho - Landela IzindabaNews24 kuTwitter