Ufike egqoke ezokulala ezomisa umngcwabo kanina

2015-07-20 08:31

Port Elizabeth - UBulelwa Masebe ungene egqoke izingubo zokulala esontweni laseWeseli ngoMgqibelo wafike wamisa umngcwabo kanina!

Lo wesifazane,49, waKamvelihle ePort Elizabeth ubehambisana nomzala wakhe, uKhunjuzwa Mqokozo,52.

Abebehambele umngcwabo bashaqekile ngesikhathi bebona iphoyisa nowenkantolo befika esontweni betshela owasemkhazeni ukuba akabuyisele emuva isidumbu sikaMabel Rala,71.

UBulelwa utshele iDaily Sun ukuthi: “Simise umngcwabo kamama ngoba ubabekazi akasivumelanga ukuba sibeyingxenye yamalungiselelo.”

“Akangihloniphi mina nomfowethu kanye nosisi bakhe.

“NgeSonto eledlule sibenengxabano ngemuva kokumbuza ukuthi uyenzeni imali kamama.”

Funda nalolu daba: Umabokoboo 'oshaywe okaMandela'

“Ubabekazi uyena obelawula ukusetshenziswa kwezimali zikamama, okubalwa kuyona naleyo ayithola ngemuva kokulimala engozini yemoto, ekamasingcwabisane kanye neyempesheni, ngoba phela ubehlala naye.”

“Wanqaba nokufakela umfowethu ongasebenzi ohlala eButterworth imali yokuza emngcwabeni. Wathi akanayo imali futhi kwanele ukuba azi nje kuphela ukuthi umama wakhe akasekho emhlabeni.”

 “NgoLwesihlanu, ngathola umyalelo wenkantolo kodwa wawushaya indiva,” Usho kanje.

Umfowabo kaBulelwa, uSimphiwe Matomela,45, uthe ubabekazi wakhe unenhliziyo kasathane.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.