Ufuna ukugxila emculweni oshiya kwiRhythm City

2015-01-12 14:31

Johannesburg – Umlingisikazi wodumo lomdlalo wochungechunge iRhythm City ekhonjiswa kwi-etv uPam Andrews umemezele ukuthi uzowushiya lo mdlalo kungekudala.

Ngokubika kweDaily Sun lo mlingisikazi odume ngokugqoka izimpahla eziveza umzimba uselingise kulo dlalo iminyaka eyisikhombisa lapho ebedlala khona indawo kaGail October. 

Kubikwa ukuthi uzogcina ukubonakala kulo mdlalo ngoJuni walo nyaka.  

“Angiqedile ngokulingisa kodwa okwamanje ngisafuna ukugxila emculweni ukuze ngikhule kuwona lo mkhakha,” esho.

OLUNYE UDABA: OweBBM uzobonakala kwiRhythm City

Ekhulume ngokungena kwakhe emculweni uPam uthe: “Ngiyaziwa ngiyazihlanyela  kwesinye isikhathi ngike ngifune ukushintsha umbala wezinwele zami zibe luhlaza kodwa ngingakwazi ngenxa yeRhythm City.

"Kodwa manje njengoba sengingena emculweni ngizokwenza noma yini engiyithandayo bese ngikhulisa nekhono lami lomculo,” kusho lo mlingisikazi.

U-Andrews wazakhela udumo ngemuva kokunqoba umncintiswano iCoca Cola Popstars, kwasungulwa iqembu i-101.

     - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

       - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.