Ugwetshiwe owabulala uthisha nomfundi eNquthu

2015-06-23 18:14

Durban – Umlisa owadubula wabulala uthisha kanye nomfundi eNquthu ugwetshwe udilikajele yiNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ngoLwesibili.

USibongiseni Mdakane, 32, utholwe enecala lokubula  uVusi Ntombela, 47, no-Elizabeth Nhleko 14 ngoMsombuluko.

UMdakane uwavumile amacala okubulala, elokulimaza umfundi ona-12 ubudala kanye nelokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni kanye nezinhlamvu.

Okhulumela iNational Prosecuting Authority, uNatasha Ramkisson, uthe umsolwa unikezwe udilikajele ngecala lokubulala uNtombela, wagwetshwa neminyaka engu-18 ngokubulala uNhleko.

Funda  nalolu daba: Othisha bavele enkantolo ngelokweba ukudla

Uphinde wanikezwa iminyaka engu-8 ngecala lokuzama ukubulala umfundi ona-12 ubudala, emihlanu ngelesibhamu esingekho emthethweni kanye neminyaka emithathu ngelezinhlamvu.

Izigwebo uzozidonsa kanye kanye.

UMdakane wangena esikoleni iLuvisi Primary ngoJuni 2 wadubula uNtombela, owayephinde abenguSomlomo kumasipala wendawo.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Jay Naicker uthe uMbhekiseni Khambule, osolwa ngokuqasha uMdakane ukuba abulale uNtombela ngo-R15 000, uzovela eNkantolo yeMatshi yaseNquthu ngoLwesibili.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.