Ugwetshiwe owadlwengula indodakazi yakhe

2015-07-25 14:23

Durban - Ubaba oneminyaka engu-39 ubudala ugwetshwe iminyaka engu-24 esezikhindini yiNkantolo yeMantshi yaseVerulam ngokudlwengula indodakazi yakhe angayizali.

Lezi zinsolo ezingazange zikholakale emndenini wengane, 18, ngesikhathi ibika icala, zigcine ziphasiswa njengeqiniso enkantolo.

Inkantolo itshelwe ukuthi ngo-2013 isisulu sashaywa saphinde sadlwengulwa umama waso engekho.

OLUNYE UDABA: Isimanga indodakazi icela ukulala noyise

"Isisulu sabe sesitshela u-anti waso ngokuthi ubaba waso ongasizali uyasishaya futhi uyasidlwengula, u-anti wabe esetshela umama wengane," kusho uColonel Jay Naicker.

Kuthiwa le ntombazane yabe isibuzwa phambi kukammangalelwa kepha waphika.

"Yize umama wale ntombazane engayikholwanga, umalume wengane wangenelela wayisa isisulu emaphoyiseni.
"Kwavulwa icala ePhoenix, isisulu sahlolwa kwaqinisekiswa ukuthi sanukubezwa ngokocansi."

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
3 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.