Ugwetshiwe owadlwengula intombazane, 6, eKZN

2015-07-30 06:56

Durban – INkantolo yesiFunda yaseMgungundlovu igwebe uSphamandla Shange oneminyaka engu-27 ubudala waseTaylors Halt iminyaka engu-20 ebhadla ejele ngokulahlwa yicala lokudlwengula intombazane eneminyaka engu-6  ubudala.

Ngokusho kokhulumela amaphoyisa uMajor Thulani Zwane unina wale ntombazane waqaphela ukuthi kukhona okungahambi kahle kwindodakazi yakhe wabe eseyipheka ngemibuzo. 

“Le ntombazane yatshela unina ukuthi ngesikhathi idlala namanye uSphamandla wayibizela ethoyilethi wabe eseyidlwengula.

OLUNYE UDABA:Akafikanga futhi enkantolo osolwa ngelokubulala

Yahanjiswa esibhedlela nebala odokotela bafike baqinisekisa ukuthi ukuthi idlwenguliwe,” kuchaza uZwane ngesitatimende. 

“Kwavulwa icala  lokudlwengula esiteshini samaphoyisa saseTaylors Halt.”

Ngemuva kophenyo olunzulu uSphamandla wabe esekhalelwa ngamasongo kaSigonyela. 

UKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu Natal uMmamonnye Ngobeni ukushayele ihlombe ukugwetshwa kukaShange waphinde wancoma nokusebenza kwabakwaSidlodlo ngokuqinisekisa ukuthi ubhekana nengalo yomthetho. 

        - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

           - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.