Ugwetshwe kanzima olahlwe ngelokudlwengula isalukazi

2015-07-23 18:41

Durban – INkantolo yeMantshi yaseVerulam igwebe owesilisa oneminyaka engu-30 ubudala iminyaka engu-20 ebhadla ejele ngecala lokudlwengula ngokusho kwamaphoyisa.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Jay Naicker uthe uSteven Mthembu ugwetshwe ngoLwesithathu ngecala lokudlwengula isalukazi esineminyaka engu-81 ubudala nokusibamba inkunzi wasiphuca nemali yaso.

“NgoNovemba 2014 umsolwa wangena emzini walesi salukazi ngewindi lasegunjini lokugezela. 

Wafike wasishaya lesi salukazi esiphoqa ngenkani ukuba sikhiphe yonke imali yaso.

OLUNYE UDABA:Utalajwe waze washona obesolwa ngokudlwengula

Ngemuva kwalokho wabe esesidlwengula wabe esayabaleka nemali yesalukazi,” kusho uNaicker enanela ngokuthi isalukazi saphuthunyiswa esibhedlela ngemuva kwalesi sigameko.  

Uthe kwavulwa icala lokudlwengula esiteshini samaphoyisa eVerulam ngokuhamba kwesikhathi umsolwa wakhalelwa ngamasongo kaSigonyela wathweswa icala lokudlwengula, ukubamba inkunzi nokugqekeza. 

Umsolwa uvele izikhawu ezahlukene kule nkantolo ngaphambi kokuthi agwetshwe iminyaka engu-20 ebhadla ezikhindini.

UKhomishana wamaphoyisa KwaZulu Natal uLieutenant General Mmamonye Ngobeni  uncome ukusebenza kwamaphoyisa  ngokuthi lo msolwa agcine evalelwe ngamacala akhe.

        - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

           - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.