Uhlasele unina ngembazo ngenxa 'yesicefe'

2015-01-02 16:25

Florida – Owesilisa waseFlorida ubulale unina ngembazo ngobusuku obandulela uNcibijane ngenxa yokuthi ubesekhathele ucefezelwa nguyena ngokusho kweziphathimandla zase-US.

Ngokombiko uChristiane Jose Gomez oneminyaka engu-23 ubudala onesifo sokuthikamezeka kwengqondo esibizwa nge-schizophrenia uhlahlele unina uMaria Suarez-Cassgne ngembazo ngokwesitatimende.

Kubikwa ukuthi uGomez uboshwe ngemuva kokuba ezivumele ngokwakhe ukuthi nguyena ohlahlele unina wambulala.

Ngokwesitatimende esisemaphoyiseni uGomez ufonele isihlobo wasazisa ukuthi uselinqumile ikhanda likanina.

OLUNYE UDABA: Uvelile owagwaza wabulala unina

Isikhulu samaphoyisa uBob Gualtieri utshele izindaba zeNBC ukuthi uGomez ubulale unina maqede wathatha isidumbu sakhe wasilahla kwimfucuza kadoti.

“Ngemuva kwalokho uzame ukuhlanza indawo lapho ebulaleli khona unina kodwa washiya phakathi wathathi ibhayisikile lakhe washaya wachitha,” kucha lesi sikhulu samaphoyisa.

Kubikwa ukuthi kumathathe izinsuku ezimbili ukuhlela ukubulala unina uGomez.

Izindaba zeWFLA zibike ukuthi uGomez ubesekhathele ngunina obelokhu embelesela njalo ukuthi makaqoqe amabhokisi asegaraji kodwa engakwenzi kunalokhu esola unina ngokumcefezela.

UGomez ubanjwe ngamaphoyisa esabaleka ngebhayisikile wabe esekhalelwa ngamasongo kaSigonyela wathwesa icala lokubualala.

     - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

        - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
1 comment
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.