Uhulumeni usazama ukubuyisa izidumbu ezasala eNigeria

2015-01-08 11:00

Johannesburg - Uhulumeni uthi ngeke aphumule kuze kube izidumbu ezingu-11 zabaseNingizimu Afrika ezasala eNigeria zibuyiselwe emindenini.

Ososayensi bakuthola kunzima ukuhlonza izisulu ezisasele eNigeria zalabo abashona ngesikhathi kuwa ibhilidi elihlala izivakashi ngoSepthemba ngonyaka odlule, kubika iSABC.

Bangu-85 abantu bakuleli abashona kulesi sakhiwo sebandla iSynagogue Church of All Nations eLagos.

Izidumbu zabangu-74 zahlonzwa ngempumelelo kusetshenziswa ulibofuzo futhi sezabekwa endaweni yazo yokugcina.

Okhulumela uhulumeni, uPhumla Williams, uthi isimo singaphezulu kwamandla abo.

Funda nalolu daba: Luyaqhubeka uphenyo ngokubulawa kowesifazane.

“Besithemba ukuthi unyaka uzophela sesiluphothulile lolu daba kodwa ngithanda ukuqinisekisa imindeni ukuthi senza konke okusemandleni, sixoxisana neziphathimandla zaseNigeria futhi uma nje sesiyitholile imvume, sizokhuluma nemindeni,” usho kanje.

UWilliams uqhube wathi: “Asifuni ukwenza izethembiso ngoba asazi ukuthi zizobuya nini izidumbu kodwa singathembisa ukuthi sisazibophezele njengohulumeni ukungaluyekeleli lolu daba.”




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.