Uhulumeni wakuleli ugxeke abahlasele eParis

2015-01-08 10:59

Johannesburg - Uhulumeni waseNingizimu Afrika ugxeke isehlakalo sokuhlasela esenzeke emahhovisi ephephabhuku laseFrance iCharlie Hebdo okushone kusona abantu abangu-12, kusho uMnyango wezobudlelwane namazwe omhlaba ngoLwesine.

"Uhulumeni waseNiningizimu Afrika njengamanye amazwe uyasigxeka isenzo esiwubulwane sokuhlaselwa kwezintatheli kanye namalungu omphakathi ngoLwesithathu eParis, eFrance,” kusho uClayson Monyela esitatimendeni.

"Ukuhlaselwa kwezintatheli kanye namalungu omphakathi kuphambene nomthetho wamazwe omhlaba.”

Funda nalolu daba: I-video yokudubulana okwenzeke eParis.

Abezindaba ngoLwesine bacaphune uNdunankulu waseFrance uManuel Valls ethi sekuboshwe abantu abaningi njengoba iziphathimandla zithungatha okungenzeka ukuba bayingxenye ye-Al Qaida.

UMonyela uthe: "INingizimu Afrika njengamazwe omhlaba nayo ayihambisani nezenzo zobushokobezi futhi izoqhubeka nokweseka imizamo yokulwisana nabo.”

Uhulumeni waseNingzimu Afrika uzwelana kakhulu nomphakathi waseFrance, uhulumeni wakhona kanye nemindeni yezisulu.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.