Johannesburg -
Uhulumeni waseWestern Cape uyakuphika ukuthi kunongqongqoshe oboshelwe icala
lokushayela ngesivinini esiphezulu, nekuthiwa ubanjwe emgwaqeni ongu-N1 eMidrand.
UNgqongqosge wezokuThutha
esifundazweni uDonald Grant, uthi akusilo neze iqiniso okubikiwe.Amaphoyisa kaMasipala waseGoli, abike ukuthi
ungqongqoshe oboshiwe ubanjwe ehamba ngesivinini esingu-207km/h, endaweni
evumele u-120km/h.
Lokhu kuthiwa kwenzeke
ngeSonto.
"Indoda
eboshiwe ithe ingungqongqoshe eWestern Cape," kusho
okhulumela amaphoyisa uChief Superintendent Wayne Minnaar.
Indoda ayimanga
ngesikhathi imiswa amaphoyisa, kwadingeka ukuthi ihujwe, kuchaza uMinnaar.
Lona uzovela
ngaphambi kweNkantolo kaMantshi waseRandburg ngoLwesithathu.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela
IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).