Uhulumeni waseNigeria uphikisa isibalo sabashonile

2015-01-13 09:35

Abuja – Uhulumeni waseNigeria ngoMsombuluko uthe bangu-150 abantu ababulawe yiBoko Haram enyakatho yezwe ngeledlule, wayichitha imibiko ethi kushone abangu-2,000.

“Ngaphandle kokungabaza, kubulawe abantu abangenacala eBaga bebulawa yizihonga,” kusho uMnyango wezokuvikela esitatimendeni.

Kodwa izibalo ezibikwayo “ azilona iqiniso futhi ziyaqagulwa... nokuyinto eyenziwa ngabezindaba befuna ukudayisa amaphepha,” kusho uMnyango.

Funda nalolu daba: INigeria icela usizo ngeBoko Haram.

Isibalo sabangu-150 abashonile, sihlanganiswe ngemuva kophenyo, futhi sihlanganisa nenqwaba yezihonga, kusho uMnyango.

I-Amnesty International ikuchaze lokhu kuhlasela njengokukhulu kakhulu ezweni laseNigeria.

NgioMgqibelo, intombazanyana eneminyaka eyishumi ubudala yaziqhumisa ngebhomu, kwashona abantu abangu-20 kwalimala abangu-18, ngokwemibiko yabezindaba.

NgoMsombuluko, amasosha aseCameroon abulale amalungu angu-33 eBoko Haram, kusho okhulumela amasosha.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.