Ukhala ezimathonsi owodumo lokulahla umlenze noRingo

2015-07-31 12:30

Johannesburg - Kubukeka sengathi azishayisani izihlabani zomculo uDr. Malinga owaduma kakhulu ngemfashini yakhe eyikhethelo nengqungqulu yomculo, uRingo Madlingozi.

Isihlabani seculo i-Oteng sithi simkhonzile uRingo kodwa yena akanendaba nakancanae noDr Malinga.

UDr Malinga usivulele isifuba enkundleni yezokuxhumana u-Instagram ngezinto ezimbalwa.

UMalinga udalule ukuthi wakhula ethanda ukulalela umculo kaDr Rebecca Malope nowaRingo Mdlingozi kanti futhi ebathatha njengabazali bakhe bomculo.

OLUNYE UDABA: 'Konke kuhamba kahle eKalawa Jazmee'

UMalinga uhpinde wathi endaweni yaseHammanskraal wayedume ngoRebecca/Ringo kodwa waqala ukuphuka umoya ngesikhathi ehambisa umculo(Demo) wakhe kuRingo owavele wamziba futhi kwangagcina lapho.

"Manje sengiphumele kanti ngibona sengathi uyanizonda ngoba nangesikhathi sisebenza ngeculo lakhe iNqonqo saqale sahilizisana ngaphambi kokuba avume. Ngangithi ngiyamhlonipha njengomunye wabaculi engibathandayo," kusho uMalinga.

UMalinga uthe akananxa noSis'Rebz njengoba wayangisho emgcwabeni ka-anti wakhe wafike wamuhalalisela nangomculo wakhe.

"Kodwa uRingo akanendaba nje, ngibuhlungu kungathi akangazi nokungazi kodwa ke ngisamthanda yize kunjalo," Kubhala uMalinga ku-Instagram.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.