Ukhala ngesichitho othi usenesidina kubantu

2015-06-09 10:01

Johannesburg – Usola owayeyisithandwa sakhe owesilisa wase-Orange Farm eningizimu yeGoli osephenduke umgodi onganukwanja kulandela ukumila izinduna ezingalapheki ebusweni ngokusho kombiko.

Ngokubika kweDaily Sun abantu abakholwanga ngesikhathi u-Ephraim Sokhela etshela abantu ukuthi wayeyigeza lensizwa owayebangwa ngabesifazane bezifunela kuyena. 

Konke lokhu kwashabalala ngemuva kokuhlukana nesithandwa sakhe seminyaka emithathu ngo-Ephreli.  

Echaza ngempilo aseyiphila manje lo mlisa oneminyaka engu-40 ubudala uthe:

“Abantu uma bengubona babona isilwane …… bayacikeka.

Abane baze bangitshele ebusweni ukuthi nginesidina ngiyanyanyisa,” kusho u-Ephraim.

Uthe ngemuva kwezinsuku ezimbili ehlukane nalona wesifazane wamilwa yinduna ebusweni.

OLUNYE UDABA:Umama ubophise indodana eyithola 'nempahla eyebiwe'

Angizange ngiqaphele kodwa kuthe ngemuva kwezinye izinsuku ezintathu ngase ngigcwele izinduna ezilumayo ebusweni bonke.

Ngangihluleka ukungazinwayo ngendlale ezabe zilunga ngakhona futhi sinkulu.”

Uthe zisaqala lezi zinduna wayesaba ukuphumela emphakathi ngoba esaba ukuthi abantu bazomhleka.

“Ngazama amakhambi ahlukene okulapha izinduna ebusweni ngaze ngayo nakodokotela kodwa angizange ngiluthole usizo.

Ngaze ngaya kwisangoma esangutshela ukuthi ngiloyiwe ngowesifazane engabe ngithandana naye.

Isangoma sanginikeza amakhathakhatha okuthi ngiwasebenzise kodwa nawo lutho ukusebenza.

Leli phephanda lizamile ukuxhumana nalowo owayeyintombi othe:

“Buza leli qembu lebhola lamantombazane abejola nawo.

Unitshelile ukuthi akuphi wonke lawo mantombazane?”

Isangoma uJabulani Mthimkhulu uthe:

“Lezi yizimpawu zesichitho.

Kumele alusukumele ngokushesha lolu daba lingaze lithikameze impilo yakhe.”

       - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

           - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

 

             - Thola ezinye izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho

 

               - Thola izindaba zeDaily Sun kuFacebook

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
1 comment
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.