Johannesburg - Umdlali we-Orlando u-Issa Sarr uthi abadlali beqembu lakhe bakhathele futhi lokho kubonakele ngesikhathi bedlala ngokulingana neMoroka Swallows ngoLwesithathu.AmaBhakabhaka asedlale imidlalo eyisihlanu ezinsukwini ezingu-15 nokuyinto uSarr athi iyabakhathaza.Funda nalolu daba: ISafa izoqhubeka nokushushisa abazihlangula kwiBafana.“Kunzima ngoba sidlala ngMgqibelo, uLwesithathu uMgqibelo noLwesithathu – Kunzima kakhulu,” kusho uSarr ngemuva komdlalo, kubika iSoccerLaduma.USarr uqhube wathi umqeqeshi u-Eric Tinkler uyameseka. – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho. – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).