Lusaka – Kulindeleke ukuthi kube nokhetho lokuqoka umengameli eZambia
njengoba kwashona uMichael Sata ngonyaka owedlule ngemuva kokuxinwa wukugula.
Leli lizwe kulindeleke ukuba libambe ukhethi ngoLwesibili kanti bangu-11
abagaqele lesi sikhundla kuleli lizwe eliseningizimu ye-Afrika.
IZambia
ibingaphansi kwesandla sikaGuy Scott kusukela kwashona uSata ngo-Okthoba kanti
ngokomthethosisekelo akangenanga ohlwini lwabasethubeni lokuqhoqhobala lesi
sikhundla.
OLUNYE UDABA: IZambia kumele ibambe ukhetho ezinsukwini ezingu-90
Abahamba phambili kulolu hlu ngu-Edgar Lungu weqembu elibusayo
iPatriotic Front noHakainde Hichilema weqembu eliphikisayo i-United Party fo
National Development.
ULungu unguNgqongqoshe wezobuLungiswe nezokuVikela eZambia
kanti nguye othwele ngeqoma kulolu khetho.
Kubikwa ukuthi uLungu emkhankasweni
yakhe ubetshela abantu ukuthi ufuna ukuqhubeka ezinhlelweni zokuthuthukiswa
komnotho ezabekwa nguSata.
IZambia ngemuva kokushona kukaSata ibe nezinsuku
ezingu-90 nje kuphela ukuqoka umengameli omusha.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter