Johannesburg - Ukuhamba kukaKingston Nkhatha kuKaizer Chiefs kuvulele uKatlego Mphela iminyango
wagcina ebhaliswe njengomunye wabadlali baleli qembu abazodlala koweCAF
Champions League.
Lo mdlali owayegijima kuBafana Bafana wajoyina Amakhosi
ngoJanuwari 2014, kodwa wehlulekile ukuzibonakalisa ngokuphelele kuleli qembu
ngenxa yokuhlushwa ukulimala.
IKickOff.com ibika ukuthi lo mdlali obengekho kubadlali
abangu-25 abamenyezelwe yiqembu abazodlala koweCAF, usezoba yingxenye yeqembu
manje kulandela ukuhamba kukaNkhatha eNaturena.
Funda nalolu daba: Kuwahambela kahle Amajita koweCommonwealth Cup.
UNkhatha usayine inkontileka neSuperSport emasontweni amabili
edlule, kanti iChiefs isimkhululile ukuba angahamba manje.
“UMphela ubengeyona ingxenye yabadlali abazoya koweCAF, kodwa
kudingeke ukuba iqembu limfake njengoba esehambile uNkhatha,” kusho umthombo.
UMphela uzobe enethemba lokuthi uzolithola ithuba emidlalweni yase-Afrika
ukuze akhombise ukuthi usangomunye wabagadli abaphambili kuleli.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela
IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).