Ukuncokola kwabangani kuphele ngesidumbu

2015-01-15 14:31

Bloemfontein – Kuphele ngesidumbu ukuncokola kwabangani eBultfontein eFree State njengoba kuqubuke ingxabano kubangwa indaba yokusokwa phakathi kwabo. 

Ngokubika kweDaily Sun ingxabano yalaba bangani iqubuke ngeSonto  ngesikhathi omunye ebizwa ngomfana okumele aye entabeni ukuyosokwa.

Kubikwa ukuthi uPeter Senkhe oneminyaka engu-41 ubudala akakuthathanga kahle obekushiwo ngumngani wakhe kuyena kwabe sekuqubuka impi phakathi kwabo.

Labo bhululu bathathane ngamankomane isimo sabe sesiyashuba ngesikhathi umngani wakhe elanda ummese wambhokoda ngawo washona. 

Umlamu kaSenkhe uMamokete Molefe uthe: “La madoda abezwana kakhulu njengoba abenza yonke into ndawonye.

"UPeter ubengakholelwa ekutheni owesilisa kumele aye esikoleni sokusokwa.

OLUNYE UDABA: Kudutshulwe intombazane eneminyaka engu-13 ubudala

"Ngengoba ebenguyise wezingane ezintathu akakwamukelanga kahle ukubizwa ngomfana,” kusho uMamokete.

Uthe lesi sigameko senzeka ngesikhathi bevakashele kwamakhelwane beziphuzela futhi bencokola.

“Umngani wakhe uqale wambiza ngomfana ngoba esaba ukuya entabeni. Yikhona lokho okususe ingxabano,” echaza.

USayitsheni Ian Gaobepe uthe kuvulwe icala lokubulala umsolwa wakhalelwa ngamasongo kaSigonyela.

     - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

        - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.