Ukusebenzela uMadiba akumshintshanga uZelda

2015-01-19 11:02
Durban - UZelda La Grange usebenze isikhathi esiningi nowaba ngumengameli wokuqala wentando yabantu kuleli, uNelson Mandela, kodwa lokho akuzange kumshintshe ubuyena.

Lokhu ngikusho ngikususa enkulumweni yakhe ebikhombisa ukucwasa ngokwebala nenyakazise cishe iNingizimu Afrika yonke ngempelasonto.

Angeke-ke ngiphindaphinde akushilo, kodwa ngizobalula okukodwa lapho egxeke khona uMengameli wezwe, uJacob Zuma uma ethi izinkinga zaleli lizwe zaqala ngokufika kukaJan Van Riebeeck.

UZelda kanye nabanombono ofana nowakhe kuzomele bazi futhi bakufake ezinhlizweni zabo ukuthi umlando waleli lizwe angeke siyeke ukukhuluma ngawo ngoba nakhu ubenza bangaphatheki kahle bona. Akekho ongazi ukuthi abacindezeli bafika ngaye uJan Van Riebeeck kuleli futhi lokho kumele kwaziwe nayizizukulwane ezizayo.

Funda nalolu daba: Ngabe kumele kubuyiswanwe nabamhlophe?

Kunenkulumo ngxoxo abanayo ne-eNCA uZelda, lapho azivumela ngokwakhe ukuthi wayegcwele ubandlululo ngaphambi kokuthi asebenze noMadiba. Uma ubheka ezinye izinkulumo ebeziqhamuka kuye ngempelasonto uyabona ukuthi ukusebenza noMadiba iminyaka eyi-19 akumenzanga wayeka into ayeyiyo phambilini. 

Uphinde wagxeka labo abangahambisani nokushintshwa kwe-Table Bay Boulevard ibizwe ngalowo owayengumengameli wobandlululo uFW De Klerk.

Iqiniso lithi uFW De Klerk wayengumengameli wobandlululo, ehambisana nalo ubandlululo ngakho akahlukile komengameli ababephethe ngesikhathi sobandlululo.

Kuwukudukisa abantu ukuthi wadlala indima enkulu ekuqedeni ubandlululo kuleli. Iqiniso lithi uhulumeni wobandlulo wase unengcindezi enkulu owawuyithola kubantu nasemazweni ayengahambisani nobandlulo nokwaholela ekukhishweni kukaMadiba kanye nezinye iziboshwa ezaziboshwe ngamacala aphathelene nepolitiki.

Angeke sithule uma kunabantu abasagcwele ubandlululo nabafuna kuhlonishwe abacindezeli kuleli.



Ungaxhumana nombhali ku-Twitter: @Sboh_L

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.