Ukushaqeka kutholakala uthisha eshisiwe e-KZN

2015-01-21 12:32
Durban - Umphakathi nezihlobo bathi basashaqekile ngokutholakala kwesidumbu sikathishanhloko, uMsizeni Mkhwanazi, 40, obekumele ayoqala ukusebenza esikoleni esisha.

UMkhwanazi utholakale engumlotha evenini yakhe endaweni ebude buduze nomuzi wakhe.

Khonamanjalo, othisha nabafundi basale bebambe ongezansi ngesikhathi bethola inyoka efile esangweni lesikole ebekumele kuyoqala kuso umufi.

Umphakathi waKwaDlangezwa, eMpangeni, KwaZulu-Natal uthi usathukile, kanti kukhulu ukuhlawumbisela ukuthi uMkhwanazi ubulawelwe isikhundla sakhe esisha.

OLUNYE UDABA: Kutholwe isidumbu sowesifazane sinqunu

Unkosikazi wakhe unqabile ukuphawula wathi usakhungathekile.

Ilungu lomndeni elikhulume neDaily Sun lithe: “Sisathukile, kepha ngikholelwa ekutheni abantu abebenomona abenze lokhu.”

Owamaphoyisa uMajor Thulani Zwane ukuqinisekisile ukutholakala kwesidumbu sowesilisa wathi amaphoyisa aseMthunzini asaqhuba uphenyo kanti bekungakaboshwa muntu.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.