Ulangazelele ukunikwa elinye ithuba umgadli weChiefs

2015-08-25 10:04

Johannesburg - Umgadli weKaizer Chiefs uBongani Ndulula uthe umdlalo wakhe wokuqala naleli qembu ububaluleke kakhulu empilweni yakhe futhi usekulangazelele ukudlala umdlalo olandelayo.

Lo mgadli oteketiswa ngelikaDrogba ujoyina Amakhosi ngesikhathi sekhefu lokuphela kwesizini ephuma kuMaZulu kanti udlale umdlalo wakhe wokuqala weChiefs ngesikhathi engena umdlalo usuphakathi bedlala neFree State Stars.

Kulo mdlalo oshampeni beligi banenebula iStars ngamagoli amane eqandeni.

Nakuba lo mgadli engalibhakuzisanga inethi kulo mdlalo kodwa uzwakalise ukujabula ngokuthola ithuba lokugqoka ijezi leChiefs.

OLUNYE UDABA: 'URakhale usekhuthaze abadlali abafana noMayambela’

"Wonke umdlali uhlale elangazelele ukudlala," etshela iKickOff.

"Ngajabula kakhulu ngokuba yingxenye yabadlali abangu-18 abazoya kulo mdlalo.

Ngesikhathi umqeqeshi engifaka ngesiwombe sesibili kwaba yisipesheli kakhulu kimina."

"Ngengomdlali kumele uhlale ukulindele ukungena enkundleni uma unikezwa ithuba ngoba ungalithola noma yinini.

Angizange ngizifakele ingcindezi kulo mdlalo ngangena ngalithinta kahle ngingathukile,"esho.

Kungenzeka uNdulula aphinde athule elinye ithuba namhlanje ngoLwesibili uma iqembu lakhe selidlala lePolokwane City ePeter Mokaba Stadium

     - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

         - Landela IzindabaNews24 kuTwitter





NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.