Ulinde isigwebo owabanjwa nonkosikazi womuntu

2015-08-04 07:46

Bulawayo – Owesilisa obanjwe oqotsheni ezitika ngokocansi nonkosikazi womuntu oshadile ucele empunzini eshaya ngesudu yesele nekhondomu esithweni sakhe sangasese ngokusho kombiko.

Ngokubika kweMyZimbabwe uNdodana Nyoni oneminyaka engu-36 ubudala waseMujuwe eGwelatshena akakwazanga ukuthola isikhathi sokukhipha ikhondomu ngemuva kokubanjwa ezithokozisa ngokocansi nonkosikazi wakwamakhelwane wakwakhe.

Kubikwa ukuthi kwabe sekunesikhathi u-Owen Mpofu esola ukuthi kukhona omudla izithende kunkosikazi wakhe uSithembiso Mhlanga.

NgeSonto uMpofu wazithela kumkakhe ngaphansi kwesihlahla ezitika ngocansi noNyoni ongumakhelwane wakhe.

OLUNYE UDABA: Kubulawe 10 wamasosha

Kubikwa ukuthi ngesikhathi ebona umkakhe ngaphansi kwesihlahla esaqabulana noNyoni waqale washaqeka, kanti kuthe kusenjalo wababona sebekhumulana baqala bazithokozisa.

Ngokombiko uMpofu akwazanga nokuzibamba ngemuva kokubona umkakhe ezitika nomakhelwane.

Yilapho-ke abaqonda wabafika engasadle nkobe zamuntu.

UNyoni wavuka wacela empunzini engagqokile wabaleka nekhondomu “kwinduku” yakhe.

UMpofu wavula icala uNyoni wabe eskhalelwa ngamasongo kaSigonyela ngokuphinga nonkosikazi womuntu.

Uvele enkantolo ngoMsombulu walivuma icala lokuphinga nonkosikazi womuntu kanti kulindeleke ukuthi agwetshwe ngoLwesithathu ngaleli cala.

        - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

            - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
3 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.