Ululamela ekhaya umlingisi wodumo obesesibhedlela

2015-01-16 13:38

Durban – Ululamela ekhaya kubo KwaMashu umlingisi wodumo lwemidlalo iGenerations neMuvhango uMelusi Yeni ngemuva kokuchitha amasonto amabili esibhedlela Inkosi Albert Luthuli eThekwini.

Ngokubika kwephephabhuku iMove uYeni waze wangeniswa nasegunjini labagula kakhulu ngesikhathi esesibhedlela kwazise wayesesimeni esibucayi kakhulu. 

Kubikwa ukuthi usengconywana njengoba eselulamela kubo KwaMashu.

Imithombo eyahlukene yaleli phephabhuku ikuqinisekisile ukuthi uYeni usabambekile.

OLUNYE UDABA: Kuzophenywa ngokungafiki enkantolo kukaMelusi Yeni

Omunye umthombo okhulume naleli phephabhuku uthe uzwile ngokugula kukaMelusi kodwa ubengakasitholi isikhathi sokuyombona.

“Sekunesikhathi ngagcina ukumbona kodwa ngisezinhlelweni zokuyombona maduze,” kusho lo mthombo osondelene kakhulu nalo mlingisi.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngonyaka owedlule uYeni uke waba sematheni ngemuva kokufakwa enkantolo mayelana nodaba lwesondlo sengane yakhe.

Khonamanjalo, uYeni kulindeleke ukuba abusiswe ngomunye umntwana maduze nowesifazane osebenza njengomphaquli kwiMuvhango.

      - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

        - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.