Umama udlwengulwe namadodakazi akhe amathathu

2015-08-25 07:12

Rustenburg – Owesifazane, 50, namadodakazi akhe amathathu kusolakala ukuthi badlwengulwe yizigebengu zishintshisana ngabo eJouberton ngaseKlerksdorp, kusho amaphoyisa aseNorth West.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Sabata Mokgwabone uthe lo wesifazane kusolakala ukuthi udlwengulwe ngoMgqibelo, e-Extension 14, eJouberton.

“Kusolakala ukuthi ngoMgqibelo ezintatha, owesifazane ubelele nezingane zakhe ngesikhathi ezwa umuntu ekhahlela umnyango. Ube esevuka wabona amadoda amathathu angawazi esemade endlini.

OLUNYE UDABA: Kudlwengulwe obebelethe ingane ebheke endodeni

“Abasolwa kuthiwa babe sebekhanyisa ugesi, owesifazane wabona ukuthi baphethe imimese,” esho.

Ngokusho kukaMokgwabone, abasolwa bayalele owesifazane ukuba akhumule oyedwa wase emdlwengulela egumbini lokuphumula.

Ube eseyiswa egumbini lokulala, abasolwa bamdlwengula kanye namadodakazi akhe amathathu, amadodana akhe aphoqwa ukuba abukele esatshiswe ngemimese.

Lezi zigebengu ziphinde zabaleka nempahla yenani lika-R6 000.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
1 comment
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.