Umama wengane ushaye umakhwapheni ngevazi

2015-08-14 14:27

Johannesburg - Intombi ephinde ibe ngumama wengane ishaye umakhwapheni ngevazi ekhanda ngesikhathi ibabamba oqotsheni bematasa benza ucansi nesoka layo emzini oseMangaung ngoMsombuluko.

Lokhu kwenzeke ngemuva kokuba indoda ibize umama wengane oneminyaka engu-41 ubudala ukuba eyolanda imali yengane ethaveni lapho eyayiphuza khona nomakhwapheni oneminyaka engu-28 ubudala.

Kusenjalo le ndoda yabe isihamba nomakhwapheni beya emzini wayo ngemuva kokuba isitshele ayephuza nabo ukuthi uma kufika  umama wengane yakhe enezinyanga ezingu-6 izelwe abomtshela ukuthi akabuye ayilande imali.

Lo mama wengane wabe eseqonda emzini wendoda wabafica bephezu kwenkonzo yocansi.

OLUNYE UDABA: Uthuke woma unkosikazi kukhethwa umakhwapheni

Umthombo osondelene nalezi zithandani utshele abeDaily Sun ukuthi laba besifazane babengomakhlwane bezwana kakhulu.

"Indoda yayingawukhiyile umnyango kanti yadla phansi ngesikhathi umama wengane yayo egqema umakhwapheni ngevazi."

Umakhwapheni uthe: "Ngimuthathele izinyathelo, ungilimaze ngento eqinile, cishe ngalahlekelwa yingqondo."

Indoda ayitholakalanga ukuphawula.

Okhulumela amaphoyisa uConstable Joy Xaba uthe: “Kushaywe owesifazane ngevazi ekhanda.

“Kuvulwe icala lokushaya ngenhloso yokulimaza emaphoyiseni.

“Umama wengane uzovela enkantolo maduze."

 

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

 - Thola ezinye izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho

 - Thola izindaba zeDaily Sun kuFacebook

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
1 comment
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.