Umbhikisho isitolo sixosha zitabane eziqabulene

2015-01-17 11:29
Vienna – Bangaphezulu kwenkulungwane abantu abangenele umbhikisho ngemuva kokuthi isitolo sokudlela sixoshe izitabane eziqabule ngaphakathi kusona kubuka abantu eVienna e-Austria.

Isinqumo seCafe Prueckel sokukhiphela lezi zitabane ngaphandle sisuse omkhulu umsindo njengoba ababhikishe bebhikishe ngaphandle bezwakalisa ukunengeka ngendlela lesi sitolo esenze ngayo.

 “Wonke umuntu kumele abe namalungelo alinganayo.

sinqumo sale ndawo yokudlela sikhombise ukucwasa kubantu abathandana nobulili obufanayo,” kusho uJulian Bartl ongumfundi obengomunye wababhikishi ngaphandle kulesi sitolo.

OLUNYE UDABA: Umengameli ufanise izitabane nezinambuzane

“Wonke umuntu unelungelo lokuthanda nokuthandwa noma ngubani ngaphandle kokucwaseka.

Kuyihlazo ukuthi esikhathini samanje kusenabantu abasacabanga ngendlela yakudala," knanela uNikolettal Korkos naye obekhona kulo mbhikisho.

Lezi zithandani zitshele abezindaba base-Austria ukuthi abazange baqabulane nakakhulu kodwa bekuwukuqabulana kokubingelelana nje kwaphela.

Umnikazi walesi sitolo uChristl Sedlar uthe bekungaphezulu kokuqabulana kokubingelelana abakwenzile.

Nakuba eveze lokhu uSedlar kodwa ngokuhamba kwesikhathi uxolisile ngesenzo salesi sitolo sokuxosha lezi zitabane. 

     - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

       - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.