New York - Umculi uRay J, 33, usephumele obala waveza ukuthi unovalo lokuthi obeyintombi yakhe uPrincess Love, uzombulala.
Phambilini uPrincess Love, wasabisa wathi uzozibulala yena, ngemuva kokuthi ebone izithombe zika Ray noKarrueche Tran, besanda nje kuhlukana.
Enkulumweni eqoshwe ngabe-TMZ.com, uRay J, uzwakala ezikhulumela namaphoyisa ethi uyamesaba uPrincess Love.
Kuvela lokhu nje, umngani kaRay J, u-Earl Hayes, usanda kudubula abulale unkosikazi wakhe, wase naye ezibulala.
"Ngemuva kokwenziwe u-Earl, ngiyasaba ukuba sendlini, ngiyasaba noPrincess angase angibulale."
Ingxabano enkulu phakathi kukaRay J noPrincess, isuke ngemuva kokuthi inkantolo inike uRay J, imvume yokuhlala nenja yabo.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).