Umculi wodumo usinde engozini yemoto

2015-01-04 10:20

Durban – Umculi weKwaito uMgarimbe wodumo lwengoma Sista Bettina usinde ngokulambisa kwingozi yemoto eyenzeke ngobusuku obandulela uNcibijane.

Ngokubika kweSunday Sun lo mculi owazakhela udumo ngengoma eyayinamagama anenhlamba ogama lakhe langempela uNosinathi Mfeka wahluleka ukulawula imoto ayehamba ngayo yabe isiyaphenduka yaginqika.

Kubikwa ukuthi uMgarimbe wayehamba ngemoto yohlobo lweToyota Corolla ephuma eGoli elibangisa eThekwini ngesikhathi ehlangabezana nale ngozi.

“Wayehamba yedwa ejahe ukuyonandisa emcimbini iFact Durban Rocks ePeopls Park eMoses Mabhida,” kusho umthombo waleli phephandaba.

OLUNYE UDABA: Usesimeni esibucayi uMakhabane ngemuva kwengozi

Umthombo kuthiwa uqhube wathi uMgarimbe kumele abonge uNkulunklu ngokusinda kule ngozi njengoba imoto ayehamba ngayo yaphenduka ikopi. Ekhuluma naleli phephandaba uMgarimbe uyiqinisekisile le ngozi.

“Abantu abakholwa ukuthi ngisinde kanjani njengoba imoto ebengihamba ngayo ngeke isalungiseka,” ekhuluma ekwakhe.

 Kuzokhumbuleka ukuthi uMgarimbe ungumculi wesibili ukusinda engozini yemoto esikhathini esingangesonto njengoba noSipho Makhabane elulama ngemuva kwengozi eyamehlela.

      - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

        - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.