Umfundi ugwazelwe ukubuka omunye kabi

2015-07-23 17:38

Phongola – Abazali babafundi abebeyingxenye yempi ephethe ngokushona komfundi eKhulumeluzulu High School eMkhwakhweni oPhongola babambe umhlangano nebhodi elengamele isikole.

USihlalo waleli bhodi uHabert Ntshangase usthele iDaily Sun ukuthi inhloso yalo mhlangano bekuwukuthelelana amanzi futhi kuphume nesixazululo esibheke phambili.  

Lo mhlangano uqhamuka ngemuva kwesigameko sangoMsombuluko lapho umfundi wakwa-grade 10 uMbuyiseni Ntshangase oneminyaka engu-16 ubudala egwazwe washona kule mpi.  

Uzakwabo afunda naye ekilasini uWandile Mabika naye oneminyaka efanayo ulimale kanzima kule mpi ebingaphakathi esikoleni..

OLUNYE UDABA:Sefinyelele ku-29 isibalo sabashone ekusokeni e-EC

“Ngokuthola kwethu le mpi iqale ngemuva kokuba omunye wabafundi belinye uqembu ebuke omunye kabi,” kusho uNtshangase enanela ngokuthi usola ngokuthi laba bafundi bebevele bebambelene amagqubu kusukela ngaphambi kokuvalwa kwezikole ngamaholidi kaJuni.  

Okhulumela amaphoyisa uColonel Jay Naicker uthe abafundi abalindele baphuthunyiswe esibhedlela ukuze bathole ukwelashwa kanti ngebhadi uMbuyiseni ushone ngesikhathi engena esibhedlela.

“Umfundi wesibili isimo sakhe sisebucayi esibhedlela.

Kuvulwe icala lokubulala kanti umsolwa oneminyaka engu-20 uboshiwe ngaleli cala."

      - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

       - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
1 comment
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.