Umphakathi ubulale 5 wabesifazane ubasola ngokuthakatha

2015-08-08 14:18

New Delhi – Amalungu omphakathi endaweni yasemakhaya esempumalanga ye-India atalabhe aze abulala abesifazane abahlanu ngemuva kokubasola ngokuthakatha ngokusho kwamaphoyisa.

Amaphoyisa asesifundazweni saseJharkhand athe iqulu lamalungu omphakathi ahudule laba besifazane ngaphandle kwemizi yabo labe sekubathela ngesibhaxu phakathi kwamabili ngoLwesihlanu.

OLUNYE UDABA: Uboshiwe obanjwe 'ezimeteza' olwandle

“Laba besifazane batitinywe baze bashona ngezinduku nangezinye izikhali njengoba bebesolwa ngokuthakatha endaweni,” kusho iPhini lesiKhulu samaphoyisa u-Arun Kumar Singh.

Uqhube wathi sekuboshwe amalungu omphakathi angu-24 ngala macala kanti ababoshiwe baneminyaka ephakathi kuka-45 no-50 ubudala. Izwe laseNdiya lingelinye lamazwe ahamba phambili ngenkolelo yokuthakatha.

Kwezinye izigameko abesifazane bakhunyuliswa bashaye ngesudu yesele uma beke basolwa ngokuthakatha.

UNgqongqoshe wezobuLungiswa uRaghubar usigxekile lesi sigameko sokubulawa kwalaba besifazane.  

        - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

            - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.