Beijing –
Izinkinga ezibhekene nomfana waseChina onegciwane lesandulela ngculazi,
okubikwa ukuthi uphoqwe yizakhamuzi ukuba ashiye ikhaya, zisuse umsindo
ezinkundleni zokuxhumana kuleliya lizwe ngoLwesine.
Lolu daba
lugqamise ukucwaswa kwabantu abaphila neHIV eChina, njengoba iningi labantu
abanaleli gciwane bengaphathwa kabi.
Ugogo walo mfana kuthiwa ungomunye walabo abaphoqe ukuba lo mfana oneminyaka
engu-8 ubudala aphume aphele endaweni ukuze “angatheleli ezinye izakhamuzi” kubika
iGlobal Times.
Funda nalolu daba: Uzojeza owaqhatha umyeni ngezithombe zocansi.
Leli phephandaba libike ukuthi lo mfana igciwane walithola kunina,
kanti kwavela ukuthi unalo ngo-2011.
Imibiko
yaphambilini ithe lo mfana wanqatshelwa nokuthi abhalise kwezinye zezikole
ngenxa yokuthi uphila neHIV.
Akekho
ofuna ukudlala nami, ngidlala ngedwa,” kusho uKunkun, ngokwemibiko
yangoLwesithathu.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela
IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).