Umsakazi wodumo nenye incwadi yezinkondlo

2015-08-14 11:34
Incwadi yezinkondlo kaBongani Mavuso

Incwadi yezinkondlo kaBongani Mavuso

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

Durban - Isiqale ukutholakala incwadi yezinkondlo esandla kukhishwa inkakha yombhali wezinkondlo uBongani Mavuso obuye abengumethuli wohlelo lwezindaba kuKhozi FM.

UMavuso usanda kikhipha incwadi yakhe yesi-13 yezinkondlo esihloko sithi Izimbali zeMfolozi. Echaza ngale ncwadi uMavuso uthe izinkondlo zakhe zithinta izishoshovu ezahlukene zombusazwe njengoba ebalula ngendima ezayidlala ekulweni nobandlululo.

"Kule ncwadi nginezinkondlo ezahlukene ngibhala ngezingqalabutho zombusazwe ngiphinde ngibhale ngabantu abafana noBaby Jake Matlala odlale indima ebalulekile ukuthuthukisa ezemidlalo kanti nginenkondlo futhi kuyona le ncwadi ekhuluma ngomlingisi uDoobsie wodumo lweMuchango owabulawa yisoka lakhe.

Kule nkondlo ngikhuluma ngezingqinamba abesifazane abahlangabezana nakho empilweni yezothando," kusho lo sonkondlo owakhipha incwadi yakhe yokuqala ngo-2006. Uqhube wathi inhloso yesihloko sencwadi yakhe sithathela emfuleni wangakubo uMfolozi osenyakatho yeKwaZulu Natal njengoba edabuka eDumbe.

OLUNYE UDABA: UTzozo ulande i-Death Certificate kaR Mashesha

"Ukuzalelwa nokukhulela kule ndawo kungakhile ngaba yilo muntu enginguye namhlanje.

Kanti kuningi engikufundile ngisakhula ngesimo sezombusazwe wakuleli lizwe."

Uveze ukuthi phakathi kwezishoshovu abhale ngazo kubalwa uRuth Mompati, JB Marks, Moses Kotane, Albertina Sisulu nezinye.

Le ncwadi isiqalile ukutholakala ezitolo zezincwadi ezahlukene KwaZulu Natal naseGauteng kanti abantu bazithola futhi ngokuxhumana ngqo noMavuso ezinkundleni zokuxhumana ku-Twitter: @Bongani76Mavuso, Facebook: Bongani Mavuso kanti ku-Instagram Bongani_mavuso.  

UMavuso njalo ngoLwesihlanu ohlelweni lukaDudu Lady D Khoza iJabul'uJule oKhozini FM unesikhala esibizwa ngeBack TO My Roots esimayelana nezinkondlo.

      - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

         - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

     
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
1 comment
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.