Cape Town - Kuyangihlula ukukhipha impendulo ephelele yokuthi uma ngikuthanda ngisuke ngikuthandelani.
Ukuthanda kujule kakhulu futhi imvamisa angikuqondi ngoba uke uthole umuntu enamathele kothile, wena obona sengathi akafanele kodwa othandayo umthole ehleli ebambelele.
Uke ubuze intombazane ukuthi yini ithandane nothile, ithi: "ngiyamthanda ngoba uyangihlonipha", zijike izinto umfana aqale ayishaye, uthi uma uphinda ubuza ukuthi isahlaleleni, ikutshele ukuthi iyamthanda.
Kuthi umuntu esehlushiwe kodwa aqhubeke elokhu ethi "ngyamthanda".
Wonke umuntu ongaziyo uyazi ngizizwa kanjani ngoMabhudi Khenyeza (mina nabasondelene nami esimbiza ngoMK).
Empeleni uMK kwakumele nje abe yisoka lami lokuqala futhi kube ukuphela kwendoda engake ngaba nayo emhlabeni....ngebhadi akuhlale kuhamba njengokwezifiso zethu.
NgoLwesithathu olwedlule, umngani wami ungithumelele unodoli okhalayo kwiWhatsapp, ejabhiswe yisigwebo esitholwe uMK, ngecala lakhe lokuthimisela uLinesman.
Umngani ubengavuni isenzo sakhe kodwa ubedabukela mina ngokuthi ngiphatheke kambi ngalesi sithandwa sami.
Baningi abanye abangithumelele imilayezo bengidabukela abanye bethi ngizihluphelani ngilokhu ngilandela isixhwanguxhwangu esingangazi futhi esingenandaba nami.
Into ebengiyitshela laba, ukuthi uthando aluboni futhi angikaze ngikuthungathe noma ngikuhlele ukuthanda uMK.
Lo mfana ngamthanda ngiqala ukumazi, ngaze ngathenga i-TV enkulu ngenzela ukumbona kahle mese elibamba.
Ubethi uma esevela egijimisa amadoda ejulukisa ama-defender, ngisho ukuwuthwala esifubeni umabonakude.
Bekuthi uma umthwebuli esondeza isithombe sakhe, bese emamatheka kube sengathi uyazi ngiyambona.
Alikho ibhuku noma iphepha elinaye ebengingalithengi.
Omunye wabangani wangidabukela wangitholela i-number yakhe yeselula, ngenxa yokumhlonipha nginqena ukumyela ngobuso, akaze ngiyisebenzise.
Ngimlindile nje futhi ngihlalele ethembeni lokuthi ngelinye ilanga sohlangana bese ngithola ithuba lokumtshela ngengikuzwayo.
Isoka lami liyangithanda nami ngiyalithanda futhi liyanganelisa, nsuku zonke ngihlale ngiliqinisekisela ukuthi angisoze ngalibhanqa.
Kuphela ngizama ukuthola imvume kulo, yokuthi ngisondeze nje kancane uMK esifubeni sami, ngimhogele nje ngiphinde ngimbuke emehlweni ngizwe izidlakela zezandla zakhe, kube kanye.
Ngizama ukwenza isivumelwano nalo sokuthi lingale uma like lathola ukuthi "ngilahlele" enye indoda, kodwa uma kube uMK, libe ne-understanding......
Surely uMK unomuntu wakhe, nami sengilwakhe kakhulu lolu thando engikulo ukuthi ngingalushiya kanjalo, nokho angeke ngaphika ukuthi inhliziyo yami iyamthanda.
Ngamukele ukuthi inhliziyo iyazikhethela futhi singabantu angeke sabathola bonke esibathandayo, yingakho ubalulekile ukuthi sisale sesihlala la sikhona.
Kweyokuthi ngithanda isixhwanguxhwangu, into engafundisekile, angisho nje ukuthi akekho ongenalo utwayi lwakhe.
UMK ngimthanda ngenhliziyo, noma angaboza noma angadlala ingcwenga yebhola, akushintshi lutho lokho.
Ngizisanganiselwa ilo mfana onesihluthu esingakanywa, onamehlo amahle ne-fitness.
Angazi nokuthi yini i-Offside ebholeni kodwa ubungangiphuthi umdlalo onaye.
Ngiyazi abanye bazothi ngimthanda ngoba nakhu edumile bakhohlwe ukuthi nabo kuyenzeka bajilajilwe umuntu wasemsebenzini noma wangakubo.
Ngesikhathi ujilajileka usuke ukumemile yini?
Ngokufanayo nami angikucelanga ukuthanda lo muntu, inhliziyo izenzela okwayo.
Ngiyamthanda uMabhudi Khenyeza, ukuthi lokho kungenza ngibukeke kanjani, akudokwe ligayelwe bani lelo.
Ngiyancamela ukuphumela obala ngisho ukuthi isimilo sami siqoqekile nanoma ngiphambi kwayiphi indoda, kwale ukuqhamuka kuka-MK.
Uma ngike ngaphuma endlini, ngibuya, owami angibuze ukuthi angihlangananga yini noMK, uma ngithi: "cha", ngimbona ehleka kancane ngoba usuke azi ukuthi amathuluzi asaphelele.
Uthando aluboni futhi luyinto ongeke wayichaza.
Asixhumane ekhasini le Facebook Sis'Omdala noma ku-zanelewakwamtshali@gmail.com
Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).